10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,nakuSomandla ukuba enze ukona.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akenzi okubi;uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13 Ngubani owambeka phezu komhlaba na?Ngubani owamisa izwe lonke na?
14 Uma ebeyakuzibheka yena,azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15 inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,umuntu abuyele othulini.
16 “Uma unengqondo, yizwa lokhu,ulalele izwi lokukhuluma kwami.