14 Uma ebeyakuzibheka yena,azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15 inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,umuntu abuyele othulini.
16 “Uma unengqondo, yizwa lokhu,ulalele izwi lokukhuluma kwami.
17 Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?Uyakumlahla olungileyo nonamandla
18 oshoyo enkosini ukuthi:‘Muntu omubi,’nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
19 ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.