18 oshoyo enkosini ukuthi:‘Muntu omubi,’nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
19 ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.
21 “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;ubona zonke izinyathelo zakhe.
22 Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.
23 Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntuukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
24 Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.