2 “Yizwani amazwi ami,nina zihlakaniphi,nibeke indlebe kimi nina zazi.
3 Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi,njengokuba ulwanga luzwa ukudla.
4 Masizikhethele okulungileyo,sazi phakathi kwethu okuhle.
5 Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile;uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
6 Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga;inxeba lami alinakupholiswa,noma ngingenasiphambeko.’
7 Ngumuphi umuntu onjengoJobeophuza usulu njengamanzi,
8 ohamba ngokwazana nabenza okubi,ahambisane nabantu ababi, na?