24 Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.
25 Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;uyabagumbuqela ebusuku,bachotshozwe.
26 Uyabashaya njengababiendaweni lapho bebonwa khona,
27 ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,
28 baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,wezwa ukukhala kwabahluphekayo.
29 Lapho yena ethula,ngubani ongalahla,nalapho ethukusa ubuso bakhe,ngubani ongambona na?Ubusa ngokufananayo,noma kuyisizwe noma kungumuntu,
30 ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,abantu bacushwe.