27 ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,
28 baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,wezwa ukukhala kwabahluphekayo.
29 Lapho yena ethula,ngubani ongalahla,nalapho ethukusa ubuso bakhe,ngubani ongambona na?Ubusa ngokufananayo,noma kuyisizwe noma kungumuntu,
30 ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,abantu bacushwe.
31 “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
32 Lokhu engingakuboni,ngifundise khona;uma ngenzile okubi,angisayikukuphinda.’
33 Uyakuphindisela njengokuthandakwakho, lokhu ukwenqaba, na?Ngokuba nguwe ozakukhetha,akusimina;khuluma okwaziyo.