30 ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,abantu bacushwe.
31 “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
32 Lokhu engingakuboni,ngifundise khona;uma ngenzile okubi,angisayikukuphinda.’
33 Uyakuphindisela njengokuthandakwakho, lokhu ukwenqaba, na?Ngokuba nguwe ozakukhetha,akusimina;khuluma okwaziyo.
34 “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,yebo, nezihlakaniphi,lapho zingizwa, ziyakuthi:
35 ‘UJobe ukhuluma engenalwazi;amazwi akhe awanangqondo.’
36 Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni,ngokuba uphendula njengabantu ababi.