8 ohamba ngokwazana nabenza okubi,ahambisane nabantu ababi, na?
9 Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntuukuba azane noNkulunkulu.’
10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,nakuSomandla ukuba enze ukona.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akenzi okubi;uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13 Ngubani owambeka phezu komhlaba na?Ngubani owamisa izwe lonke na?
14 Uma ebeyakuzibheka yena,azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,