1 U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.
3 Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,nginike uMenzi wami ukulunga.
4 Impela amazwi ami awasiwo amanga;unawe ophelele ekwazini.