1 U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.
3 Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,nginike uMenzi wami ukulunga.
4 Impela amazwi ami awasiwo amanga;unawe ophelele ekwazini.
5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla,kepha kadeleli muntu;mkhulu emandleni okuqonda.
6 Akenzi ukuba omubi aphile,kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.
7 Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,baphakame kuze kube phakade.