22 “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;ngubani ofundisa njengaye na?
23 Ngubani ommisele indlela yakhe na?Ngubani ongasho ukuthi:‘Wenzile okubi,’ na?
24 Khumbula ukukhulisa izenzo zakheabahlabelela ngazo abantu.
25 Bonke abantu bayazibona;abokufa bayazibuka besekude.
26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme,asimqondi;umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27 “Wenyusa amathonsi amanzi,abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28 amafu awenza ukuba aconse,awathele phezu kwabantu abaningi.