25 Bonke abantu bayazibona;abokufa bayazibuka besekude.
26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme,asimqondi;umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27 “Wenyusa amathonsi amanzi,abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28 amafu awenza ukuba aconse,awathele phezu kwabantu abaningi.
29 Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafunokuduma kwedokodo lakhe na?
30 Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye;uyasibekela ubuphansi bolwandle.
31 Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu,aphane kakhulu ngokudla.