5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo;wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6 Ngokuba uthi eqhweni:‘Khithika emhlabeni;’kanjalo nasesihlambini semvula,yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7 Uyanamathelisa izandla zabantu bonkeukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8 Seziya izilwane ezikhundleni zazo,zihlale emihumeni yazo.
9 Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso,namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane,ububanzi bamanzi buqine.
11 Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama;uyeneka amafu onyazi lwakhe.