10 nalapho ngalumisela umncele wami,ngamisa imigoqo nezicabha,
11 ngathi:‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli;lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?
12 “Emihleni yakho uyalile ukusa,wazisa umthende wokusa indawo yawo
13 ukuba ubambe amagumbi omhlaba,ababi bathintithwe kuwo, na?
14 Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa;konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe.
15 Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,nengalo ephakemeyo yaphuliwe.
16 “Wake wangena emithonjeni yolwandle,wahamba phansi otweni, na?