15 Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,nengalo ephakemeyo yaphuliwe.
16 “Wake wangena emithonjeni yolwandle,wahamba phansi otweni, na?
17 Amasango okufa uwavulelwe,wabona amasango ethunzi lokufa, na?
18 Uqondile ububanzi bomhlaba na?Yisho, uma ukwazi konke.
19 “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,
20 ukuze ukuyise emkhawulweni wakho,uqonde imikhondo yendlu yakho, na?
21 Angithi uyakwazi,ngokuba wawusuzelwe,nomumo wemihla yakho mkhulu, na?