28 Kukhona uyise wemvula na?Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
29 Iqhwa lavela esiswini sikabani,nesithwathwa sazalwa ngubani, na?
30 Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.
31 “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?
32 Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?
33 Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34 “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?