30 Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.
31 “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?
32 Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?
33 Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34 “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35 Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?
36 Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?