33 Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34 “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35 Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?
36 Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?
37 Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
38 lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?
39 “Uyazingelela ibhubesikazi impango,usuthise iphango lamabhongo,