11 Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12 Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13 “Amaphiko entshe ayaphaphaza,kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
14 Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini,iwafudumeze othulini.
15 Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachobozanokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16 Iphatha kalukhuni amazinyane ayo,kungathi awasiwo awayo;ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
17 Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,akayabelanga ukuqonda.