17 Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,akayabelanga ukuqonda.
18 Lapho indizela phezulu,ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19 “Nguwe onika ihhashi amandla alo,wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20 Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21 Liyaphanda ezigodini,liyesasa ngamandla alo,liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22 Liyahleka ingebhe, alesabi,alibuyi phambi kwenkemba.
23 Isambo siyalikhehlezelanomkhonto okhazimulayo, nengcula.