19 “Nguwe onika ihhashi amandla alo,wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20 Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21 Liyaphanda ezigodini,liyesasa ngamandla alo,liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22 Liyahleka ingebhe, alesabi,alibuyi phambi kwenkemba.
23 Isambo siyalikhehlezelanomkhonto okhazimulayo, nengcula.
24 Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi;alimi ngokukhala kwecilongo.
25 Ekuzwakaleni kwecilongo lithi:‘Nakho-ke;’lihogela ukulwa kusekude,nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.