21 Liyaphanda ezigodini,liyesasa ngamandla alo,liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22 Liyahleka ingebhe, alesabi,alibuyi phambi kwenkemba.
23 Isambo siyalikhehlezelanomkhonto okhazimulayo, nengcula.
24 Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi;alimi ngokukhala kwecilongo.
25 Ekuzwakaleni kwecilongo lithi:‘Nakho-ke;’lihogela ukulwa kusekude,nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.
26 “Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho,awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?
27 Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho,lwakhe isidleke salo phezulu, na?