4 Amazinyane azo aqina,akhulela endle;ayahamba,angabe esabuyela kuzo futhi.
5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe;ngubani owathukulula izintambo zayo,
6 engenza ihlane libe yindlu yayo,nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
7 Ihleka umsindo wedolobha,ingezwa ukumemeza komshayeli.
8 Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9 “Inyathi iyakuthanda ukukhonza,ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10 Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,ibhuqe izigodi emva kwakho, na?