7 Ihleka umsindo wedolobha,ingezwa ukumemeza komshayeli.
8 Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9 “Inyathi iyakuthanda ukukhonza,ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10 Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11 Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12 Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13 “Amaphiko entshe ayaphaphaza,kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?