11 Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12 “Kwanyenyiselwa kimi izwi,indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.
13 Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku,lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumelaokwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.
15 Kwadlula umoya ebusweni bami;uboya bomzimba wami bavuka.
16 Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;isimo sasiphambi kwamehlo ami;kwathula;ngase ngizwa izwi, lathi:
17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?