12 “Kwanyenyiselwa kimi izwi,indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.
13 Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku,lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumelaokwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.
15 Kwadlula umoya ebusweni bami;uboya bomzimba wami bavuka.
16 Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;isimo sasiphambi kwamehlo ami;kwathula;ngase ngizwa izwi, lathi:
17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?
18 Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi,nezingelosi zakhe uyazibeka icala;