6 Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini,nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
7 Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na?Babhujiswaphi abalungileyo na?
8 Njengokubona kwami abalima okubibahlwanyele ukona, bayakuvuna.
9 Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
10 Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,namazinyo amabhongo ayaphuka.
11 Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12 “Kwanyenyiselwa kimi izwi,indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.