14 Khona ngiyakukudumisa namingokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
15 “Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;uyadla utshani njengenkabi.
16 Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17 Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*imisipha yamathanga akhe yalukene.
18 Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19 Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
20 Izintaba ziyamvezela ukudla,lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.