2 “Osolayo uyakuphikisananoSomandla na?Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”
3 UJobe wamphendula uJehova, wathi:
4 “Bheka, angiyinto yalutho;ngingakuphendula ngokuthini na?Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
5 Ngikhulumile kanye,angisayikuphendula,yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”
6 UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.
8 Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?