6 UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.
8 Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?
9 Unengalo njengoNkulunkulu,ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
10 Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama,wembathe udumo nenkazimulo.
11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12 Bheka bonke abaziphakamisayo,ubehlise phansi,unyathele ababi ezindaweni zabo.