23 Amanya enyama yakhe anamathelene;abunjiwe kuye, awanakususwa.
24 Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe,yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
25 Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba;ngenxa yevuso baphela amandla.
26 Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza,noma umkhonto nomcibisholo nengcula.
27 Insimbi uyishaya utshani,nethusi ibunga.
28 Umcibisholo awunakumxosha;amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
29 Izagila uzishaya amabibi;uyahleka ukugunquza kwengcula.