28 Umcibisholo awunakumxosha;amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
29 Izagila uzishaya amabibi;uyahleka ukugunquza kwengcula.
30 Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali;uyenaba njengesibhuqo odakeni.
31 Wenza inzulu ibile njengekhanzi;wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.
32 Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe;kungathi utwa lungwevu.
33 Emhlabeni akukho okufana nayeowenziwa abe ngongesabiyo.
34 Ubona konke okuphakemeyo;uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.”