1 “Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?
2 Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
3 Mina ngibonile isiwula sigxilile,kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
4 Abantwana baso bakude nokusindiswa,bachotshozwa esangweni;akakho obophulayo,
5 abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,bakukhipha nasemeveni;abanxanelayo basezela impahla yabo.