11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyobaphakanyiselwe ukusindiswa.
12 Uyachitha amacebo abanobuqili,ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo;isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14 Emini bahlangana nobumnyama,baphumputha emini njengasebusuku.
15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16 Ompofu usenethemba;ububi buvala umlomo wabo.
17 “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.