14 Emini bahlangana nobumnyama,baphumputha emini njengasebusuku.
15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16 Ompofu usenethemba;ububi buvala umlomo wabo.
17 “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.
18 Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu,ubuye abophe;uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.
19 Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha;yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.
20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeninasempini emandleni enkemba.