6 Ngokuba usizi aluveli othulini,nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7 ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8 “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9 yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,
10 yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,
11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyobaphakanyiselwe ukusindiswa.
12 Uyachitha amacebo abanobuqili,ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.