9 yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,
10 yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,
11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyobaphakanyiselwe ukusindiswa.
12 Uyachitha amacebo abanobuqili,ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo;isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14 Emini bahlangana nobumnyama,baphumputha emini njengasebusuku.
15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,yebo, abampofu esandleni sonamandla.