16 emnyama ngeqhwa,lapho ungqoqwane ezisitheza khona,
17 kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18 Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19 Izihambi zakwaThema zabheka;izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.
20 Zajabha, ngokuba zazibhekile;sezifike khona zadana.
21 Ngokuba kalokhu seniyize nje;nibona okwesabisayo niyesaba.
22 Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni,ninginike isipho empahleni yenu,’ na?