3 Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle;ngalokho amazwi ami ayengukubheda.
4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi;isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami;izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
5 Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na?Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?
6 Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na?Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?
7 Umphefumulo wami uyala ukukuthinta,kungukudla okunengekayo kimi.
8 “Sengathi isicelo sami singenziwa,uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.
9 Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza,athukulule isandla sakhe, anginqume.