7 Umphefumulo wami uyala ukukuthinta,kungukudla okunengekayo kimi.
8 “Sengathi isicelo sami singenziwa,uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.
9 Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza,athukulule isandla sakhe, anginqume.
10 Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami,yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyoukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.
11 Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na?Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?
12 Pho, amandla ami angamandla amatshe yini?Inyama yami iyithusi na?
13 Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi;ukusindiswa kususwa kimi.