1 “Umuntu akasempini yini emhlabeni,imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?
2 Njengenceku ekhefuzelela ithunzi,nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,
3 kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
4 Lapho ngilala phansi,ngisho ngithi:‘Ngingavuka nini,’ngokuba ubusuku bude;ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
5 Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;isikhumba sami siyaphola,sibuye sibhicike.
6 “Imihla yami iyashesha kunesaluko,iphela ingenathemba.
7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;iso lami aliyikubuye libone okuhle.