13 Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza,ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,
14 uyangesabisa ngamaphupho,ungethusa ngemibono,
15 ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywanokufa kunalawa mathambo ami.
16 Ngiyanengwa yiwo;mangingahlali njalo;ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
17 Uyini umuntu ukuba umkhulise,nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18 nokuba umhambele ekuseni njalo,umhlole njalonjalo, na?
19 Koze kube nini uyeka ukungibheka na?Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.