11 Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na?Incema ingamila kungekho manzi na?
12 Uma iseluhlaza, ingakakhiwa,iyabuna phambi kwabo bonke utshani.
13 “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu:ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;
14 ithemba lakhe liyakunqunywa,nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
15 Uyakwencika endlini yakhe,kepha ayiyikuma;uyakubambelela kuyo,kepha ayiyikuqina.
16 Yena uluhlaza phambi kwelanga;imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.
17 Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe,aqhekeze indawo yamatshe.