3 UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini?USomandla uphendukezela ukulunga na?
4 Uma abantwana bakho bonile kuye,yena wabanikela emandleni ezono zabo,
5 khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu,unxuse kuye uSomandla,
6 uma uhlambulukile, futhi ulungile,khona yena uyakuvuka ngenxa yakho,aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.
7 Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane,nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.
8 Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala,uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,
9 ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi,lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;