5 khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu,unxuse kuye uSomandla,
6 uma uhlambulukile, futhi ulungile,khona yena uyakuvuka ngenxa yakho,aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.
7 Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane,nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.
8 Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala,uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,
9 ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi,lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;
10 bona abayikukufundisa yini, bakutshele,bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na?
11 Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na?Incema ingamila kungekho manzi na?