1 Wayesephendula uJobe ethi:
2 “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo,kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
3 Uma efuna ukuthetha amacala naye,angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4 Ehlakaniphile enhliziyweni,eqinile emandleni,ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,