15 Noma bengilungile,bengingenakumphendula,kepha nginxuse umahluleli wami.
16 Uma bengimbizile abesengiphendula,bengingayikukholwa nokho ukuthiubekile indlebe ezwini lami.
17 Uyangilimaza ngesiphepho;uyandisa amanxeba ami ngeze.
18 Kavumi ukuba ngiphefumule,kepha uyangigcwalisa ngomunyu.
19 Uma kuyindaba yamandla,nangu onawo;uma yindaba yokwahlulela,ngubani ongimemayo na?
20 Noma ngilungile,umlomo wami uyakungilahla;noma ngingenacala,uyakuthi ngonakele.
21 Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami;anginanzi ukuphila kwami.