17 Uyangilimaza ngesiphepho;uyandisa amanxeba ami ngeze.
18 Kavumi ukuba ngiphefumule,kepha uyangigcwalisa ngomunyu.
19 Uma kuyindaba yamandla,nangu onawo;uma yindaba yokwahlulela,ngubani ongimemayo na?
20 Noma ngilungile,umlomo wami uyakungilahla;noma ngingenacala,uyakuthi ngonakele.
21 Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami;anginanzi ukuphila kwami.
22 Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi:‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’
23 Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo,uyahleka ingozi yabangenacala.