2 “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo,kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
3 Uma efuna ukuthetha amacala naye,angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4 Ehlakaniphile enhliziyweni,eqinile emandleni,ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,
5 yena ogudluza izintaba ngokungazeleli,ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;
6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,kuthuthumele izinsika zawo;
7 oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;
8 oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;