23 Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo,uyahleka ingozi yabangenacala.
24 Umhlaba unikezwe esandleni sababi;uyasibekela ubuso babahluleli bawo;uma kungesiye, pho, ngubani na?
25 “Imihla yami iyashesha kunesigijimi;iyabaleka ingabonanga okuhle.
26 Itshuza njengomkhunjana womhlanga,njengokhozi olutheleka empangweni.
27 Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,
28 ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.
29 Ngiyakulahlwa mina;ngikhandlekelani ize na?